Umphakathi uthume uphuthu osolwa ngokuba isela lemfuyo oPhongolo

Ngu: Alfred Ngubane |

Ubuholi bukaKhongolose esifundeni iMzala Nxumalo buyaveva ngokubulawa kobesolwa ngokuba isela le mfuyo oPhongolo nokuthiwa ushawe umphakathi obuholwa ikhansela le-IFP.

UMnuz Bongani Nkosi kuthiwa ushaywe amalunga omphakathi waze washona ngoba abantu bemnuka ngokuba ubhongoza ekwebiweni kwemfuyo ezigodini zasoPhongolo.Okhulumela i-ANC eMzala Nxumalo Region uMnuz Lawrence Dube uthe lento eyenziwe oPhongolo iwumkhokha omubi nophazamisa ilungelo lokuphila komuntu.

“Lesi sigameko sasoPhongolo siyichilo elibi futhi sibeka engcupheni ilungelo lokuphila komuntu. Ngakho sicela amaphoyisa asoPhongolo alusukumele lolu daba ukuze kuboshwe abathintekayo. Okunye sifuna umthetho udlale indima yawo ukuze ikhansela le-IFP elibuye libeyiphini le Meya libhekane nokujeziswa,” kusho uDube.

UPhongolo lubalwa nezinye izindawo ezisanenkinga enkulu yezinga eliphezulu lokwebiwa kwemfuyo eZululand.Lokhu kuthiwa yikho okwenza umphakathi udinwe ngoba ukhala ngokuthi amaphoyisa ayehluleka ukubhekana nezigebengu zokwebiwa kweMfuyo.

Lokhu kukhalisa ngisho abalimi okungabamnyama nabamhlophe abagcina bengasazi ukuthi benze njani ngoba bethi ngisho sebezibambele abasolwa kodwa bagcina bededelwa yize besuke sebevumile.Amaphoyisa nawo akhala ngokuthi adayiswa izinkantolo ngoba ayabopha bese izimantshi zivele zibadedele kakula abasolwa.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uColonel Robert Netshiunda uthe amaphoyisa aphenya icala lokubulawa kowesilisa oneminyaka engu-28 esigodini saseNtumbana. UNetshiunda uthe umufi ushonele esibhedlela ngemuva kokushawa umphakathi.


Discover more from IBUNDA NEWS

Subscribe to get the latest posts sent to your email.