Zizoshiya kukhalwa izimvula ezizohlala esifundazweni

Ngu: SIWE SHOZI

Abakwa-South African Weather Service sebekhiphe isixwayiso esifundazweni iKwa-Zulu Natal ngezimvula ezinamandla ezizoshiya kukhalwa, ziphinde zishiye omkhulu umonakalo.

Lezimvula ezinamandla ezihambisana nokuduma kwezulu kanye nezikhukhula zizoqala namuhla emini zize zinqamuke kusasa. Kubikwa ukuthi zizophinde zihambisane nomoya omkhulu ongagadala kuwe nezingodo emgaqweni, kulimale nengqalasizinda, izimoto, kulimale ugesi kanti nombani ungalimaza nemfuyo ezibayeni.

Izindawo ezibalwa kwezizo khahlamezeka uma sekufika lesi sichotho kubalwa izindawo ezifana noRay Nkonyeni Municipality, uMzumbe, Hlabisa, Hluhluwe, Pongola, uMhlabuyalungana, uMhlathuze, iTheku kanye neJozini.Kuza lezi zimvula ezinamandla abantu abaningi kubalwa abazinze ezindaweni ezakhele iTheku basaneminjunju njengoba ngonyaka ka2022 zikade zihlasele zadlula nemiphefumulo yabantu abasondelene nabo ngoba kuze kube imanje abanye abaphindanga batholakala, kwaguguleka namathuna koNtuzuma.

Nangonyaka odlule zike zaphinde zahlasela izikhukhula ezindaweni ezakhele uMlaza neLamontville lapho abantu bamuka baze batholakala olwandle. Kunxuswa abantu ukuthi abahlale ezindlini bangahambi uma singekho isidingo, bangayiweli imifula kanye nemihosha eseyidla izindwani. Baphinde bacele ukukhosela komakhelwane abanezindlu eziphephile futhi nemfuyo bayibeke endaweni ephephile.


Discover more from IBUNDA NEWS

Subscribe to get the latest posts sent to your email.