
I-National Prosecuting Authority (NPA), iyasemukela isigwebo sikadilikajele esitholwe amadoda amabili aneminyaka ewu-25 newu-22, eNkantolo yesiFunda Ezakheni emuva kokulahlwa ngecala lokudlwengula.
Omunye umlisa oneminyaka ewu-19 yena ugwetshwe iminyaka ewu-15 ngenxa yeminyaka yakhe yobudala eyayingaphansi kwengu-18 ngesikhathi sesigameko.
Ngesikhathi inkantolo imgweba, iveze u-Section 51 of the Criminal Procedure Law Amendment Act 105 of 1997 okhuluma ngesigwebo esibekiwe awusebenzanga kulokhu.
Inkantolo isebenzise igunya layo yamgweba iminyaka ewu-15 lo mlisa.Ubufakazi obunekwe enkantolo buveza ukuthi ngo-21 April 2024, umgilwa owaneminyaka ewu-17, wayehamba ebheke ekhaya kubo ngesikhathi eqaphela amadoda amathathu emlandela.
Umgilwa wazama ukuchezuka egwema amadoda kodwa wona amlandela eduze aze amfica. Amadoda lawa aficana nomgilwa, eyodwa waqaphela ukuthi uyayazi yake yameshela phambilini.
Abamangalewa bakhomba umgilwa ngesibhamu befuna imali neselula. Kwathi uma umgilwa elandula, laba balisa bathi kufanele ajeziswe. Bamqhuba umgilwa bamuyisa endaweni ecashile bafika bamdwengula baqeda bamyalela ukuthi ageze Emfuleni bese eyahamba.Umgilwa wahamba wayocela usizo emzini wakubo komuntu thizeni ayefunda naye owawuseduze lapho afika wabika khona udaba.
Wahanjiswa esibhedlela wayotholelwa usizo. Ummangalewa wokuqala waboshwa emuva kokuthi umgilwa embone enxanxatheleni yezitolo. Abanye ababili baboshwa nabo emuva kokuthi umgilwa ebahlonzile.
Ngesikhathi kuqulwa icala, uMshushisi uSinethemba Hlongwane ubize ofakazi okungumgilwa nalowo owabikelwa kuqala. Kubizwe nephoyisa elabopha ummangalewa wesibili lafakaza. Umbuso ukhiphe nezitatimende zabamangalelwa ababili, kwethulwa nombiko wezempilo oveza ukulimala kumgilwa. Umshushisi ekhonga isigwebo esinzima, uhambise isitatimende sikamgilwa asibhale elsuwe wuKhulekani Professor Mthembu oyi-Court Preparation Officer.
Esitatimendeni umgilwa uchaze ukuphazamiseka aba nakho emqondweni, wathi useyinkomo edla yodwa futhi useyabasaba abantu besilisa kunzima ukuphila nabo.Ngaphezu kwesigwebo inkantolo inqume ukuthi laba balisa abafanelwe yimvume yokuphatha isibhamu futhi amagama abo azofakwa ohlwini lwabanukubeza ngokocansi.
I-NPA iyakemukela ukuphothulwa kodaba ngempumelelo. Ukuqeda ubugebengu kuseqhulwini, ikakhulukazi isihlava sodlame lobulili. Sinethemba lokuthi isigwebo sizoxwayisa nabanye.
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
