
Ngu: Minenhle Mpembe |
UNgqongqoshe wamaBhizinisi amancane uStella Ndabeni unxuse osomabhizinisi abasafufusa ukuthi basebenze kanzima ukuze bakhule ebhizinisini. Ethula inkulumo yakhe kwiBusiness Fair eThekwinu, uNdabeni udalule amasu kazwelonke okufukula umnotho wamabhizinisi amancane.
Uphinde waveza izinhlelo abanazo njengo hulumeni.”Silapha ngoba uhulumeni uthathe isinqumo ukuthi sisizane njengabantu sithole amathuba asezingeni eliphezulu,” kusho uNdabeni.
Lo mbukiso uzoqhubeka kuze kube umhlaka 2 Nhlaba 2026.Uzobe uvulela osomabhizinisi izimakethe kanye nokuthuthukiswa amabhizinisi abo ukuba abe sezingenu eliphezulu. Kuphinde kwabakhona izingxoxo ezibalulekile phakathi kwabakwa i-Illovo Sugar Africa, SARS, kanye neProudly South African ukuvala isikhala phakathi kweSMME kanye nomkhakha wezimboni ezinkulu.
I-W&RSETA, efundisa neqeqesha ngokudayisa inikeze osomabhizinisi ngezimfanelo ezizobasiza. Abezindaba bathole ulwazi olujulile mayelana noxhaso lwezimali, ukusungula izinto ezitsha zobuchwepheshe, kanye nezindlela zokukhula kulomkhakha
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
