Usoseshini wamatekisi uthengele inkosi yesizwe imoto

Usoseshini wamatekisi eMaphephetheni uthengele inkosi yesizwe uNdabezitha uThandizwe Gwala unyanyavu lwemoto.

Le nkosi inesizwe esiseNdwedwe eduze neNanda Dam, ayibanga ingxenye yokunikezwa izimoto uhulumeni nguNgqongqoshe wakwaCogta KwaZulu-Natal uMfundisi Thulasizwe Buthelezi.

Abanye abantu bagcone abanye ososeshini bamatekisi bebuza ukuthi abwathandi yini amakhosi abo njengoba bengawathengeli izimoto.

Kube nokwehlukana kwemibono ngesenzo sikaButhelezi njengoba abanye bemuncomile, abanye bemugxeka.

Into ebiyinkinga ukuthi bekunamakhosi ashiywe ngaphandle, obekususa umbuzo ukuthi kusetshenziswe luphi uhlelo ukuqoka abezohlomula.


Discover more from IBUNDA NEWS

Subscribe to get the latest posts sent to your email.