URamovic ugcine elishiyile iqembu lakhe ngenxa yokungaholi

USead Ramovic obengumqeqeshi weqembu weCR Belouizdad yase-Algeria bagcine behlukene nayo kulandela ukumiswa ngenxa yokungaboni ngasolinye nomengameli weqembu.

URamovic utshele IBUNDA IZINDABA ZESIZWE ukuthi -ingxabano yabo nomengameli yaqala ngokuthi adayise abadlali abangumgogodla weqembu ngaphandle kokuvumelana naye njengo mqeqeshi.

“Ngizame ngayoyonke indlela ukuhlala kuleli qembu kodwa bengingaholi bese kunzima kungasabekezeleki nhlobo,” kusho uRamovic. URamovic uhamba kuleliqembu ubengaholile umholo wakhe wezinyanga ezine. Lomqeqeshi akulindelekile ukuthi ahlale isikhathi eside engasebenzi njengoba enereokhodi elihle lokuqeqesha.


Discover more from IBUNDA NEWS

Subscribe to get the latest posts sent to your email.