
UJenet Mbhele oyisihlabani somsubathi wamabanga amade unqobe -iZululand Marathon yebanga lika 56 km wenza isikhathi esingu 4:9:51UMbhele uncome lomjaho ngokuba nzima kakhulu nokuzomsiza yena njengoba enza amalungiselelo omjaho omkhulu -iComrades Marathon ezoba ngoJune.
UMbhele unamagolide amathathu eComrades Marathon kusukela ngonyaka ka-2023 njengoba angena endaweni yeshumi, ngonyaka 2024 wangena endaweni yeshiyagalombili, ngonyaka ka 2025 ungene endaweni yesikhombisa.

Lo msubathi uyadlondlobala unyaka nonyaka ngendlela eseqophelweni eliphezulu.Abahlaziyi bomjaho weComrades Marathon bamuthipha ukuthi nguyena umsubathi webala elimnyama ozonqoba lomjaho ngemuva kaGerda Steyn nokunguyena indlovukazi ye Comrades Marathon neTwo Oceans MarathonOkunye uMbhele usavunyelwa nayimnyaka yakhe yobudala kwiComrades Marathon .
Ubonge abahleli bomjaho weZululand Marathon ngokubanika ithuba, wabonga nomqeqeshi wakhe- uThamisanqa Khuboni nokunguyena obambe iqhaza elikhulu empumelweleni yakhe. Ukhale wemuka nomklomelo ka R100 000.
Kwabesilisa kunqobe -uSiyamthanda Bazani wase-Eastern Cape.
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
