Uthuli lwezichwe kujamelana abeMarch and March nabokufika eThekwini

Ngu: Minenhle Mpembe |

Kusuke uthuli lwezichwe ngesikhathi amalungu eMarch and March Movement ejamelana nabadayisa emgwaqeni iningi labo abangabokufika eThekwini ngoLwesibili. IMarch and March ibinohlelo lokuhlanza iTheku kuVictoria Street njengendlela yokubuyisa ukuhlanzeka kwedolobha kwesikhathini sakudala.

Abantu bokufika abanamabhizinisi kulo lomgwaqo abazange bayiqonde inhloso yaloluhlelo ebaholele ukuthi bavale izitolo zabo. Omunye wokufika okade ephuze amanzi amponjwana ongumdayisi uzikhulumele yena ngokwakhe ukuthi akanawo amaphepha okuba kulelizwe kanye namaphepha asemthethweni okudayisa. Amaphoyisa abe esemthatha ambopha ukuze aphenye kabanzi ngodaba lakhe.

ULindani Xulu, ilunga leMarch and March Movement uthe iqembu labo lisebenza ngokuzikhandla ukulwisana nabokufika abangene kuleli ngokungemthetho.“Labantu baphula imithetho ebese belahla izinto abasuke besebenza ngazo noma ikanjani ingakho sizohlanza lendawo futhi sizimisele ukuyihlanza noma kungathatha isikhathi esingakanani,” kusho uXulu.

Abantu abadayisa kuwona lomgwaqo bebephikisana nokuhlanzwa kweTheku okwenze ukuthi bayeke ukudayisa kugcine sekunengxabano phakathi kwabeMarch and March Movement kanye nabantu abadayisa emgwaqeni. UNqobile Ndlovu osebenzela kuVictoria Street uthe babone ngesixuku kanye namaphoyisa kodwa uyesaba ukuthi lokhu kuzobeka imisebenzi yabo engcupheni ukuthi bathole isinkwa.

Omunye wabadayisa uthe “Asikudingi thina lokuhlanzwa kweTheku kulomgwaqo ngoba ukuba siyakudinga ngabe sikhulumile noMasipala weTheku kodwa laba abazohlanza namuhla bazosiphazamisa emsebenzini yethu ngakho abahambe.”ISouth African Police Service ithelekile kulesi sigameko ukuzohlolisisa isimo njengoba isimo bese sibhebhethekile.


Discover more from IBUNDA NEWS

Subscribe to get the latest posts sent to your email.