
Utholwe eshonile emotweni eceleni komgwaqo owesilisa okusolakala ukuthi ubeyingxenye yezigebengu ezibambe imoto yemali eKranskoop maphakathi nesifundazwe saKwaZulu-Natal ngoMsombululo. Lona wesilisa kusolakala ukuthi ulimale kade eqhumisa imoto yemali ngebhomu.
Ushone esendleleni elibangise eNkandla. Imoto ethutha imali iphucwe imali isamba sayo esingadalulwanga kanti onogada abathathu kuthiwa baphucwe nezibhamu zabo. Abasolwa baphinde badubula bebhekise esiteshini samaphoyisa ngesikhathi bebamba inkunzi. Amaphoyisa asathungatha abanye avasolwa abagcwele amathafa.
Kucelwa noma ubani ongaba nolwazi mayelana nokuthi abasolwa bakuphi athinte isiteshi samaphoyisa esiseduze noma ashayele kulenombolo ethi 08600 10111.
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
