
ISouth African Football Association (SAFA) izwakalise ukujabula kwayo ngemuva kokuqokwa konompempe baseNingizimu Afrika ababili, u-Abongile Tom noZakhele Siwela, ukuba babe yingxenye yeqembu lonophempe beNdebe Yomhlaba ka-2026 ye-FIFA.
Lokhu kuqokwa kuyingqophamlando ebholeni laseNingizimu Afrika, njengoba uTom noSiwela beyobe bengabokuqala ukwengamela imidlalo yeNdebe yomhlaba belandela ezinyathelweni zikaJerome Damon ngo-2010.
UMengameli weSAFA uDanny Jordaan uthe lokhu kuwubufakazi bomsebenzi omkhulu owenziwa yinhlangano ekuthuthukiseni onompempe.
“U-Abongile noZakhele basebenze kanzima ukuze bafinyelele kuleli zinga. Siyaziqhenya ngabo futhi siyakholwa ukuthi bazomela kahle izwe,” kusho uJordaan.
INdebe Yomhlaba ka-2026 izobanjelwa e-United States, eCanada naseMexico kusukela ngomhla ka-11 Juni kuya kumhla ka-19 Julayi 2026.
Lokhu kuzoba okokuqala ukuthi lo mqhudelwano ubanjelwe emazweni amathathu ngasikhathi esisodwa. UTom noSiwela sebeke bengamela imidlalo emikhulu ye-CAF, kuhlanganisa ne-AFCON neCAF Champions League.
Ukuqokwa kwabo kuFIFA World Cup kufakazela ukukhula kwezinga lonompempe eNingizimu Afrika.
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
