
Uyaqhubeka nokugila izimanga kwi-Hollywood Bet Super League unompempe wesifazane. U-Anele Zwane, ungumpempe wesifazane onamava nokhaliphile kanti udabuka ku-Mzinyathi District ngaphansi kukaMasipala waseNdumeni, KwaZulu-Natali.
Exoxela IBUNDA IZINDABA ZESIZWE, uZwane uthe uhambo lwakhe lokushaya impempe ebholeni elikhokhelwayo lwaqala emazingeni aphansi kuma LFA .
“Ngakhula kancane kancane kulendima ngaze ngathola ithuba lokudlalisa ebholeni labesifazane elixhaswe yi-Hollywood Bet Super League. Kudingeka usebenze kanzima ukufinyelela kulesi sigaba ngoba kumele uhlale ujimile njalo ukuze ubambe umdlalo kahle futhi uthathe izinqumo ezifanelekile.” kusho uZwane. Uvumile ukuthi umsebenzi wobunompempe awulula.
“Kubanzima ukuthatha isinqumo ngento ongayibonanga kahle, kakhulukazi uma umdlalo usanda kuqala usemizuzwini enfaphansi kwe-15. Uma uphela umdlalo abantu bavele bathi yimina engidlise iqembu.”
Uthi iphupho lakhe lokudlalisa ku-PSL lingashesha lifezeke uma enganikwa ithuba lokudlalisa imidlalo ye-MDC League ne-Motsepe Foundation League. U-Anele Zwane uthe umuntu wesifazane abukele kuye kulomkhakha ngu-Akhona Makhalima, unompempe ohlonishwa kakhulu eNingizimu Africa nase-Afrika.
Lonompempe ushiye umyalezo obalulekile kwabesifazane abaphuma ezindaweni zasemakhaya:
“Abesifazane bangangena kulomkhakha manje. Akusewona owamadoda wodwa njengoba nebhola labesifazane selagunyazwa ngokusemthethweni eNingizimu Africa. Bangaqala emazingeni aphansi ngokuxhumana nosihlalo bama-LFA.”
Email: editor@ibunda.co.za
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
