I -Iran igcine ivumile ukuvula i-Strait of Hormuz

I-Iran isivumile ukuvula i-Strait of Hormuz amasonto amabili ngemuva kokuthi uMengameli uDonald Trump ememezele imibandela yokumisa ukudubulana.Lesi sivumelwano senzeke ngemuva kwengxoxo ezibucayi phakathi kwamazwe ngamazwe mayelana nokushuba kwesimo eMpumalanga Ephakathi.

I-Strait of Hormuz ingumzila obaluleke kakhulu kwezokuthutha uwoyela emhlabeni, lapho kudlula khona cishe u-20% kawoyela okuhwetsha ngawo emhlabeni jikelele.Ukuvulwa kwalesi sikhala okwesikhashana kulindeleke ukuba kwehlise ingcindezi ezimakethe zikawoyela zomhlaba kanye nokunciphisa ukwesaba kokuphazamiseka kwezohwebo zamazwe ngamazwe.

Izimo zokumisa ukudubulana ezabekwa nguTrump azikadalulwa ngokugcwele okwamanje, kodwa imithombo yezindaba ithi zihlanganisa izivumelwano zokuphepha zasolwandle kanye nezingxoxo zedipolomacy.

Amazwe ahweba ngowoyela abheke ngabomvu ukubona ukuthi lesi sivumelwano sizohlala isikhathi esingakanani nokuthi ingabe sizoholela esivumelwaneni sesikhathi eside.

Email: editor@ibunda.co.za


Discover more from IBUNDA NEWS

Subscribe to get the latest posts sent to your email.