
UMsinga United U21 usuphendule iGauteng yaba yikhaya lawo lesibili njengoba kuqhubeka imidlalo yePirates Cup.
I-United uqhobozele kabuhlungu iTembisa Destroyers kaJerry Sikhosana owayengumgadli wePirates ngo 3-0, waphinda wadlulela ku-Ambassador wanqoba ngo 1-0, wavala nge-Orbit College eyizimbangi zawo ezinkulu yawushaya yoMsinga United ngo 1-0.
UMsinga uvale ngehlahla kuGroup C we Pirates Cup.
Abadlali bebhola abathamele lemidlalo baphenduke bonke bachema noMsinga ngenxa yokudlala ibhola elinenkosi phakathi.
USihlalo woMsinga United uWelcome Mpanza akawuvali umlomo ngakubona abantu baseGoli ngendlela abalithalasele ngayo iqembu.
“Abafana bathe bengena kwacwaza yonke inkundla, kanti bazovala ngehlahla. Ngiyawubonga kakhulu umphakathi waseGoli ngokusinika ukwesekwa ngale ndlela sazizwa sisekhaya,” kusho Mpanza.
I-United ayizodlala namuhla kodwa izodlala ngoMsombuluko ku-last 16.
Leli qembu laseMabomvini eMsinga lidlala lomqhudelwano wePirates Cup ihlandla lesithathu.
Amaqembu amakhulu abambe iqhaza kulomqhudelwano:
– iPirates (engusokhaya)
– Wits University
– Pretoria University
– TS Galaxy FC
– Orbit College
– Scotland FC yase Zimbabwe
– UMsinga United
– Natal Midlands FC
Abadlali asebephumelele abedlale kulomqhudelwano:
– Mbekezeli Mbokazi (Bafana Bafana, Chicago Fire)
– Relebohile Mofokeng (Bafana Bafana, Orlando Pirates)
– Boitumelo Radiopane (Orlando Pirates)
– Wandile Ngema (Richard Bay FC)
– Puso Dithejane (Chicago Fire)
– Oswin Appollis (Bafana Bafana, Orlando Pirates)
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
