
I-National Prosecuting Authority igculisekile ngesigwebo seminyaka engu-85 esitholwe wuSabelo Khumalo (33) eNkantolo yeSifunda e-Estcourt, emuva kokulahlwa ngamacala amahlanu okudlwengula namabili okugqekeza ngenhloso yokweba nelokweba.
UKhumalo wagila le mikhuba eNtabamhlophe ngase-Escourt. UKhumalo nabagilwa babengazani.
Phakathi kukaJanuary 2021 noSeptember 2023, uKhumalo wadlwengula abesifazane abahlanu abaneminyaka ephakathi kuka-22 no-29. Wayegqekeza ebangenela emakhaya ngezintatha belele abadlwengule. Ezigamekweni ezimbili wathatha amaselula ngaphambi kokubaleka. Abagilwa bayiswa esibhedlela sendawo bayothola usizo. UKhumalo waboshelwa elinye icala lokugqekeza wase ethathwa amasampula olibofuzo amyamanisa namacala okudlwengula.
Sekuqulwa icala, umbuso ubize abagilwa bafakaza. Balandise inkantolo ngobunzima ababhekene nabo emuva kwezigameko. Kwethulwe nobufakazi bongoti obuyamanisa uKhumalo necala. Umbuso ucele ukuthi inkantolo imgwebe ngokufanele ummangalelwa bese ezidonsa kanye kanye izigwebo. Udaba belushushiswa u-Eddie Mbewe noNonhlanhla Phungula.
UKhumalo ugwetshwe iminyaka ewu-15 ngecala ngalinye lokudlwengula kwamahlanu, iminyaka emihlanu ngecala ngalinye lokugqekeza ngenhloso yokweba nokweba. Inkantolo ithe izigwebo uzozidonsa kanyekanye nokuchaza iminyaka ewu-85 sekuhlangene. Inkantolo ithe akafanelwe wukuba nemvume yokuphatha isibhamu. Igama lakhe lizofakwa ohlwini lwabanukubeza ngokocansi.
Lo msebenzi uwumphumela womkhankaso i-Serial Rapist Prioritization Initiative oholwa yi-Sexual Offences and Community Affairs Unit ngaphansi we-NPA usebenzisa ne-SAPS Serial Electronic and Communication Investigative Unit. Lo mkhankaso usungulelwe ukuthi ubhekene ngqo namacala abantu abadlwengula ephindelela bashushiswe ezweni lonke.
Lokhu kushushisa ngempumelelo kuveza ukusebenzisana phakathi kwezinhala ezingaphansi kwehhovi loMqondisi wezokuShushisa KwaZulu-Natal nabanye,ekukweni nesihlava sodlame lobulili.
I-National Prosecuting Authority (NPA) iyakwemukela ukuphothulwa kodaba ngempumelelo. Sinethemba lokuthi isigwebo sizothumela umyalezo ocace bha wokuthi bazojeziswa abaqhuba imikhuba yodlame lobulili.
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
