Ingwazi yaseMorocco igxeka ukuphucwa kweSenegal indebe ye-AFCON

U-Mustapha Hadji oyingwazi yebhola yaseMorocco ugxeka iCAF ngokunika indebe ye-AFCON ka-2025 izwe lakhe.

“Angibuboni ubulungiswa kulolu daba, umdlalo webhola kumele uwunqobe enkundleni hhayi emahhovisi,” kusho uHadji.

Uthe kuyiqiniso ukuthi unompempe emdlalweni isinqumo usithatha yedwa.

“Kwakungamele athathe izinqumo yedwa, kanti ngokujwayelekile kukhona izikhulu ezikhona eziyaziyo imithetho futhi okumele zisize. Ezweni laseMorocco sijabule ngokuthi sinikwe indebe kodwa onemveza bathu bayazi ukuthi ayisifanele,” usho kanje.


Discover more from IBUNDA NEWS

Subscribe to get the latest posts sent to your email.