U-Broos uvikela uSibisi osolwa ngokuboza

Umqeqeshi weBafana Bafana uHugo Broos usola abalandeli bebhola baseNingizimu Afrika ngokuvumela imizwa ibathathele izinqumo. UBroos uthi abalandeli bakuleli  baphendula ngokushesha ngaphandle kokucabanga kahle.

“Abalandeli bafanele basondele ebholeni ngomqondo ophusile, basebenzise ubuchopho kunokulalela imizwa yabo,” kusho uBroos.

“Asikwazi ukuvumela imizwa yethu ithathe izinqumo zethu, kufanele sicabange kahle.” usho kanje.

U-Broos uthe abalandeli kufanele bayeke ukugxeka kakhulu abadlali, ikakhulukazi uNkosinathi Sibisi, ongukaputeni we-Orlando Pirates. “USibisi udlala kahle, kodwa abalandeli bahlale bemgxeka,” usho kanje.

Abalandeli bebhola eNingizimu Africa sebegxekwe kakhulu ngendlela abagxambukela ngayo emsebenzini wamaqembu ebholeni elikhokhelwayo kuPSL nakwiBafana Bafana.

“Abalandeli badala umonakalo omkhulu ebholeni njengoba bengaqondi ngabadlali,” kusho uBroos.


Discover more from IBUNDA NEWS

Subscribe to get the latest posts sent to your email.