
UPuso Dithejane, umdlali wasophondweni weChicago Fire, wehliselwe eqenjini elincane ngenxa yokudonsa kanzima ukuthola ijezi eqenjini elikhulu. Umqeqeshi waleli qembu uGregg Berhalter, uqinisekise ukuthi uDithejane uzothola ithuba lokuzithola kahle ku-reserve team yabo, ukuze aqine futhi athole ukuzithemba ngemuva kwalapho uzobuya.
UDithejane, ongumdlali wasophondweni, ukhulele enkulisa yeKaizer Chiefs ngaphambi kokuthi imxoshe, wacoshwa yiTS Galaxy FC yamunika ithuba lokudlala. Waphenduka isihlabani esidonse amehlo amaqembu amakhulu emhlabeni, nokubandakanya neKaizer Chiefs, Mamelodi Sundowns FC, ne Orlando Pirates, kodwa wagcina ku Chicago Fire edlala kuMLS League.
“UPuso Dithejane udlala kahle, kodwa sidinga ukumthola endaweni efanele,” kusho uBerhalter. “Simehlisele eqenjini elincane ukuze aqine futhi athole ukuzithemba.”
UDithejane uzodlala ku-reserve team yeChicago Fire, lapho ezoncintisana nabanye abadlali abahlakaniphile ukuze athole ithuba lokubuyela eqenjini elikhulu.
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
