IMeya yaseMpofana nenselelo kuhulumeni yokuba abakhele imboni yendwangu

IMeya yaseMpofana uNkk Maureen Magubane iphonsele inselelo UNgqongqoshe wezokuThuthukiswa kwezoMnotho nezokuVakasha nezeMvelo KwaZulu-Natal uMfundisi Musa Zondi ukuba abuke ngelibanzi isifiso sabo sokuthi kuvuselelwe imboni yendwangu eMooi River.

Ekhuluma ngesikhathi ethula inkulumo yakhe kade kuvulwa isikhungo sezokuchwepheshe i-digital hub eBruntville library, uMhlonishwa uMagubane uthe bangajabula uma uZondi engabasiza kuvuselelwe imboni yendwangu endaweni.

“Sijabule kakhulu ngokuthi uhulumeni asilethele isikhungo sezobuchwepheshe endaweni yethu, lesi sikhungo sizosiza kakhulu ukulekelela intsha yethu entula amathuba emisebenzi,” usho kanje.

UMhlonishwa uMagubane uthe benza konke okusemandleni abo ukuthi benze ngcono impilo yabantu baseMpofana.

“Ukuvuselelwa kwemboni yendwangu kungasiza kakhulu ngokuthi kudale amathuba amaningi emisebenzi, abantu balapha bebevele besebenza ezimbonini zendwangu okuzokwenza ukuthi umkhiqizo uhambe kalula,” usho kanje, wengeza ngokuthi vele ikhona indawo engasetshenziswa ukuze kwakhiwe izimboni.


Discover more from IBUNDA NEWS

Subscribe to get the latest posts sent to your email.