
Sesitholakele isidumbu sikaNksz Thuleleni Mdletshe (48) waseZibomvini eMsinga.
Lo wesifazane kusolwa ukuthi wangena emfuleni uThukela ngoMgqibelo ngasebhulohweni lodumo eladuma kakhulu kumabonakude kumdlalo weSibaya.
Akuqondakali ukuthi lo wesifazane ungene emfuleni ngenhloso yokuyothwasa noma ube phazamisekile emqondweni.
Zibukeka zanda izibalo zabeMsinga abadlula emhlabeni ngokumuka ngamanzi njengoba emavikini adlule kwadlula emhlabeni abantu abayisithupha abamuka nomfula eMfenebude khona eMsinga.
Ukutholakala kwesidumbu sikaMdletshe kwenze sanda isibalo safinyelela kwisikhombisa sabantu ababulewe amanzi.
IMeya yoMkhandlu waseMsinga uFelinkosi Sikhakhane esedlulisela amazwi endunduzo emindenini elahlekelwe.
UMnyango wakwaDisaster kanye nokwaFire ngaphansi koMkhandlu waseMsinga bebambisene nomphakathi waseMsinga basenze ngokukhulu ukuzikhandla ukuze kutholakale umzimba kaMdletshe.
Imizimba yabayisithupha izofihlwa yonke ngoMgqibelo lo esiya kuwo njengoba kukhona isidumbu esitholakele osukwini layizolo yize kungaqondakali ukuthi yiso yini njengoba amalunga amaningi omzimba ebengasephelele.
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
