
Umphathi wamaphoyisa omgwaqo eMsinga uPhilisiwe Sibisi unxusa izakhamizi ukuba zigade imfuyo yazo ingabi ivanzi emgwaqeni.
USibisi uthe banenkinga enkulu abashayeli ngenxa yemfuyo egcwele emgwaqeni.
“EMsinga imigwaqo ayikhanyi nokwenza kubenzima kakhulu kubashayeli,” kusho uSibisi.
Izindawo ezinenkinga enkulu singabala KwaMajozi, eKhanyezwe, eMqaweni, KwaMabaso, eNgidi, eSakhiseni nasedolobheni eMsinga.
USibisi uxwayisa abashayeli ukuthi babheke imfuyo emgwaqeni ukuze bagweme izingozi.
Uthe imfuyo emgwaqeni idala izingozi eziningi zomgwaqo.
USibisi uthe bazobathathela izinyathelo abafuyi abangayigadi imfuyo.
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
