
Sidlabehlezi Gumede
Usomabhizini waseMsinga osezinze eThekwini uBonnie Ngubane unxuse amabhungu ukuba aganwe ukuze avuse imizi yoyise.
UNgubane usanda kulobolela indodana yakhe ngoR200 000.
Namanje abwuvali umlomo abantu yisenzo sikaNgubane.
UNgubane uthengele indodana yakhe ebiganwa uLuyanda, unyanyavu lwemoto olubiza cishe uR-R500 000 00 yohlobo lwe-Golf 8 GTI.
Kuthe kusabatshazwa lokho wase eyilobolela ngo-R200 000 00 emzini wakwa-Blose, elobola umalokazane wakwakhe uNomhle Blose.
Uthi okumchaza kakhulu ngomfana wakhe ukuthi uyahlonipha kakhulu futhi uyindoda.
UNgubane uthe kuyamjabulisa ukubona izinsizwa ziganwa.
Lo somabhizinisi odume ngokufaka igxalaba emicimbini kamaskandi wagila izimanga ngesikhathi ekhipha isipheko sika-R50 000 emshadweni kaKhuzani abayizithupha ziya ogwayini naye.
About The Author
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
