Ugwetshwe iminyaka engu 8 owalaxaza usana

 Ngu: Sidlabehlezi Gumede

INkantolo yesiFunda eMadadeni igwebe owesifazane oneminyaka ewu-36 iminyaka ewu-8 ejele emuva kokuhlambuluka evuma icala ngokuka-Section 112 of the Criminal Procedure Act 51 of 1977 lokuhlukumeza nokulaxaza ingane enezinyanga ezine. Isigameko senzeka osizweni enyakatho yekwaZulu-Natal phakathi kuka-March no-August 2025.

Unina wosana wayevele ahambe ekhaya angabikeli muntu ukuthi uyaphi. 

Ummangalewa wayebuye ashiye usana nonina, okunguninakhulu walo.

Uma ummangalelwa esebuya, unina wayemthethisa ekhala ngokuthi ingane kufanele incele ibele likanina. Nakuba kunjalo kodwa ummangalewa wayengalaleli aqhubeke ahambe ashiye ingane.

Kuthe ngelinye ilanga ummangalela ehambile washiya ingane, unina wavula icala emaphoyiseni. Kuthe uma ummangalelwa ebuya ekhaya waboshwa.

UMshushisi uSimphiwe Scelo Hlela, utshele inkantolo ukuthi ummangalelwa njengabobonke abazali unejoka lokunakekela ingane yakhe. Ugcizelele ukuthi izinkantolo kufanele ziqinisekise ukuvikelwa kwamalungelo ezingane aqoshwe kuMthethosisekelo.

Ummangalewa ugwetshwe iminyaka ewu-8 ebhadla ejele.

I-National Prosecuting Authority (NPA) inethemba lokuthi lesi sigwebo siveza indlela izinkantolo eziwasukumela phezulu ngayo amacala athinta izingane. Izingane zingabantu ababuthaka okufanele bavikelwe abazali babo nabanakekeli.


Discover more from IBUNDA NEWS

Subscribe to get the latest posts sent to your email.