
Ngu: Mduduzi Mbangayiya
UStuart Baxter owayengumqeqeshi weKaizer Chiefs usenxuse abaphathi beMpofana ukuthi baqashe uBenni McCarthy njengo mqeqeshi ukuze kubuye injabulo ePhefeni.
“UMcCarthy ungumqeqeshi osezingeni eliphezulu ngicabanga ukuthi angafike afake inhlonipho kubadlali beKaizer Chiefs, njengoba ibonakalisa ukuthi ayikho kulabadlali kumanje khona abafuna ukulawula abaqeqeshi njengo Thabo Cele,” kusho uBaxter.
UBaxter wabanempumelelo kuKaizer Chiefs wanqoba ABSA Premiership League amahlandla amabili neMTN 8 Cup, Nedbank Cup.
UMcCarthy usephumele obala ukuthi uyawufuna umsebenzi kuChiefs wakuveza ukuthi angakuthokozela ukuqeqesha leliqembu akhule engumlandeli walo.
About The Author
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
