
Ngu: Mduduzi Mbangayiya
UClayson Monyela okhulumela umnyango wezangaphandle eNingizimu Africa uqinisekisile ukuthi uRhulani Mokwena uphephile ehotela e-Algeria futhi uzohlangana neNxusa lakuleli neziphathimandla zase-Algeria ukuze kuqinisekiswe ukuthi usohambweni oluphephile olubuyela ekhaya.
Lokhu kulandela ukuboshwa kwakhe esikhumulweni sezindiza e-Algeria ngesonto, lapho wephula khona umthetho othinta ukuphathwa kwemali kuleliyazwe.
Kumanje, uMokwena usohambweni lokuya eLibya ukuze aqale umsebenzi wakhe omusha wokuqeqesha i-Al Ittihad.
Uhlela ukuhlangana neqembu lakhe elisha maduzane.
Kuzokhumbuleka ukuthi uMokwena usanda kushiya i-MC Alger, iqembu lase-Algeria, ezinsukwini ezimbalwa ezedlule.
Uhlale kuleliqembu izinyanga eziyisithupha kodwa wakwazi ukunqoba i-Algerian Super Cup, washiya iqembu liqhwakele phezulu ku-Algeria Pro League.
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
