Simanzonzo isimo kososeshini ababili baseKZN ababanga umzila

Ngu: Sidlabehlezi Gumede

Babhekene ngeziqu zamehlo osomatekisi bakwaMaphumulo nakwaDukuza KwaZulu-Natal njengoba bebanga umzila.

Labo soseshini ababili vele banomlando wokungezwani njengoba behlale  bajamelane.

NgoLwesihlanu kube nesigameko sokudubulana esehlakalweni okukholakala ukuthi bekudubulana onogada babo labo soseshini.

Kutholakale amagobolondo ezinhlamvu angaphezu kuka-50 endaweni yesigameko.

Kulesi sehlakalo akekho okubikwe ukuthi ulimele noma ushonile.

Lesi sigameko sisukumise uKhomishana wamaphoyisa KwaZulu-Natal uLt General Nhlanhla Mkhwanazi ukuba ayobhula umlilo obubeka ufuna ukubhebhetheka.

UMkhwanazi uhlangane nezikhulu zalabo soseshini eNtshawini nalapho enxuse khona ukuba kwehliswe imimoya.

UMkhwanazi unxuse ukuthi kuxoxiswane ukuze kugwenywe ukuchitheka kwegazi.

“Umuntu uma efuna ukugibela u-lift uzogibela u-lift uma efuna ukugibela itekisi uzogibela itekisi uma efuna ukugibela ibhasi uzogibela ibhasi akusiwena ozomtshela ukuthi akagibeleni,” kusho uMkhwanazi exwayisa osomatekisi.

Uthe osomatekisi abaphazamisa abanye abantu babaphoqe ukuthi bagibele amatekisi ngenkani bazohlangana nemamba iphuza umhluzi.


Discover more from IBUNDA NEWS

Subscribe to get the latest posts sent to your email.