IMeya inxusa izakhamizi ziqaphe esamatele

Ngu: Mduduzi Mbangayiya

IMeya yaseMvoti uGabriel Malembe inxusa izakhamizi ukuba zime kancane ukuthuthwa kwemfuyo ngenxa yesifo samatele esihlasele eNingizimu Africa ikakhulukazi KwaZulu-Natal.

“Ngixwayisa abalimi nomphakathi wase Mvoti ukuthi balinde kuze kudlule lolubhubhane lwesifo elihlasele imfuyo,” kusho uMalembe.

UNgqongqoshe wezolimo eNingizimu Africa, uJohn Steenhuisen usanda kumemezela ukuthi usukhona umgomo walesi sifo.

ULalembe uyaziwa ngokukhathalela umphakathi waseMvoti, njengova engalali exazulula izinkinga zomphakathi ezahlukene.

Izindawo ezithintekayo yilezi: eMabomvini, eMakhabeleni, eMatimatolo, eNtembisweni, eMbuba, KwaDolo, Muden, eNgome, eShane, kanye naseKranskop. Umvoti uyathinteka kakhulu yilesi sifo ngenxa yezinga eliphezulu lwezolimo endaweni.


Discover more from IBUNDA NEWS

Subscribe to get the latest posts sent to your email.