
Umqeqeshi weMamelodi Sundowns FC uMiguel Cardoso usezwakalise ukujabula ngezindaba zokuza kweVAR ebholeni lase Ningizimu Africa.
Lo mqeqeshi ukholwa ukuthi kuzoncipha ukubanjwa inkuzi ngonompempe kweqembu lakhe.
Kuzokhumbuleka ukuthi abaqeqeshi abaningi kuPSL bakhala ngonompempe abadlalisa umathanda wabo maqede kulimale amaqembu abo,
Kamuva umqeqeshi waMaZulu FC u-Arthur 1011 Zwane wazwakalisa ukungenami ngonompempe uThando Ndzandzeka emsolo ngothathela iqembu lakhe izinqumo ezigejayo,
Omunye wabaqeqeshi abakhale kakhulu ngonompempe nguManqoba Mgqithi ngesikhathi iqembu lakhe lihlulwa iKaizer Chiefs.
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
