
Ngu: Sidlabehlezi Gumede
INkantolo yeSifunda eVryheid igwebe uSbongakonke Ngidi (23) noPhilani Gasa (23) udilikajele neminyaka ewu-30 umuntu ngamunye ngamacala okubamba inkunzi. Izigameko zenzeka ngo-Ocober 2023 eMondlo ngaseVryheid kanti zithinta umgilwa wesilisa nentombi yakhe.
Ngosuku lwesigameko,umgilwa wesilisa wagibelisa uNgidi, uGasa nomunye umlisa ongaziwa besuka eMondlo beya kwenye indawo eseduze. Umgilwa wesilisa wayehamba nentombi yakhe. Ngesikhathi sekufanele behle abalisa, bakhipha izikhali isando, isipanela samasondo nommese baqola abagilwa.Babaphuca izicathulo, amaselula nemoto. Bahamba nabagilwa emotweni. Endleleni imoto yangena emgodini yaphaphalaza yayongena ehlathini. UNgidi noGasa badlwengula umgilwa wesifazane.
Umuntu owayedlula ngendlela wabona le moto waya kuyona wafica uNgidi nabagilwa phakathi. UNgidi wabanjwa khona lapho. UGasa nomunye umlisa babaleka. Kuthe emuva kwamasonto ambalwa umgilwa wesifazane wabona uGasa erenki eMondlo, wabiza amaphoyisa wamkhomba waboshwa. Omunye umlisa wesithathu usagcwele amathafa akaze aboshwe. UNgidi waliphika icala kodwa kwakhona akuvumayo ngaphansi kuka-Section 220 of the Criminal Procedure Act 51 of 1997. UGasa wahlambuluka wavuma icala ngaphansi kuka-Section 112(20)
UMshushisi uKwazikwakhe Sibiya ubize ofakazi okungabagilwa bobabili. Umbuso wethule nesitatimende sabagilwa basibhale beluswe wuBheki Hopewell Sithole oyi-Court Preparation Officer. Umgilwa wesilisa uchaze indlela isigameko esamlimaza ngayo emoyeni nasenyameni. Umgilwa wesifazane uthe namanje usathuthumela ngenxa yesigameko futhi akasathembi muntu wesilisa.
Inkantolo igwebe abamangalelwa udilikajele ngokudlwengula neminyaka ewu-15 ngokubamba inkunzi ngesihluku. Inkantolo ithe isigwebo bazosidonsa kanyekanye. Ngaphezu kwalokho inkantolo ithe abafanelwe wukuba nemvume yokuphatha isibhamu futhi amagama abo azofakwa ohlwini lwabanukubeza ngokocansi.
I-National Prosecuting Authority iyasemukela isigwebo futhi isibona njengophawu olucacile lokuzimisela kwayo ukulwa nobugebengu, ikakhulukazi udlame lobulili nobugebengu obunodlame. Lo mphumela uveza ukuzimisela kwabezobulungiswa ukuvikela abagilwa kujeziswe izigebengu.
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
