
Ngu: Mduduzi Mbangayiya
Ukuhlulwa kabuhlungu kweKaizer Chiefs ngo 3-0 yi-Orlando Pirates ku-Soweto Derby kudonse ukunaka kwababaningi, kwaze kwaphoqa nomqeqeqi wangaphambili weMpofana uNasreddine Nabi, ukuthi aphawule ezinkundleni zokuxhumana.
Ngemuva komdlalo obubuhlungu kumaKhosi, uNabi ubhale umyalezo obungaqondakali kodwa obusobala, wathi: “Ngemuva kokubhabhadiswa ngo 3-0 kweKaizer Chiefs yi-Orlando Pirates wathi amacebo amabi aphinde abuyele kubaniniyo bawo, ngokuziqhenya emhlabeni kanye nokwakha amacebo amabi kodwa amacebo amabi aphinde abuyele kulabo abawenzayo -35:45.”
Lo myalezo kaNabi uza ngemuva kokuba yena *exoshwe* eqenjini, kanti amaphini akhe amabili, uKhalil Ben Youssef noCedric Kaze, wona ashiywa ukuba aqhubeka nokusebenza neChiefs. Ukuxoshwa kukaNabi, kwaze kwashiya abasizi bakhe babambile, kwaphakamisa imibuzo eminingi ngesikhathi kade kwenzeka. Amazwi akhe ashaya amanzi ngemuva komphumela omubi kangaka kwi-Derby, okwenza abalandeli nabahlaziyi bazibuze kabanzi ngezinto ezenzeka ngaphakathi eqenqini, ikakhulukazi mayelana nezinqumo zokuphatha.
Ukuphawula komqeqeqi wangaphambili kufaka esinye isici kwiqembu elivele libhekene nengcindezi enkulu, okugcizelela ukungahambi kahle kwezinto kwiKaizer Chiefs. Abalandeli sebezobuza ukuthi ngabe amazwi kaNabi ayiqiniso yini, ikakhulukazi njengoba yena exoshwa kanti abasizi bakhe basala.
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
