
Ngu: Mduduzi Mbangayiya
Ungoti kwezokulapha uThabile Mwandla usengene emkhankasweni wokucija intsha ukuze izithuthukise empilweni.
UMwandla, isazi sezokwelapha iClinical Technologist esinekhono eligxile kwezokuphefumula iPulmonology uzoba isikhulumi esiqavile kumkhankaso obalulekile we-Nyala othi “Pride with Purpose.”
Lolu hlelo luhlose ukugqugquzela intsha ukuba izithembe futhi yakhe ikusasa eliqhakazile.
UMwandla, onguchwepheshe kwezokwelapha futhi ongungoti ocwaningweni olusha lwezokuvikela i-HIV nokuthuthukiswa kwemithi efana neLenacapavir (Yeztugo), ubuye abe ngusomabhizinisi onempumelelo ongumnikazi weMthaniya Hair Studios neBrighter Kidz Salon.
Ngaphezu kwalokho, uMwandla unguMongameli weKaMwandla Foundation, esekela imfundo nentuthuko yentsha.
Ngokuzibandakanya kwakhe okujwayelekile nabalaleli eziteshini zomsakazo ezifana noKhozi FM, iRise FM, neKwezi FM, kanye nengosi yakhe yezempilo nomhlahlandlela wamakhono kwi-IBunda News, uMwandla usevele ungumuntu onethonya elikhulu emphakathini.
Isinyathelo sakhe sakamuva kulindeleke ukuthi sinikeze ugqozi olukhulu kubafundi abancane nabantu abasha.
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
