
Ngu: Mduduzi Mbangayiya
UNgqongqoshe wezoLimo kuzwelonke uJohn Steenhuisen kulindeleke ukuthi amukele imigomo yokulwa nesifo samatele ngoLwesihlanu.
Lokhu kuthathwa njenge sinyathelo esibalulekile ekulweni nalesi sifo esisabalele esithinta izilwane, esisiphazamisa kakhulu umkhakha wezolimo eNingizimu Afrika.
Lo mgomo i-“Onderstepoort Foot and mouth disease (FMD) Vaccine”, ewuhlobo lwe-Trivalent oluhlanganisa i-SAT 1; 2 & 3 Strains, okusho ukuthi iyasebenza ezinhlotsheni ezintathu ezahlukene zegciwane le-FMD.
Le migomo, ehlelwe ukuthi isetshenziswe ezinkomeni, ezikabhini nasezimbuzini, ikhiqizwa ngokulandela iReg. No. G 1944 Act 36/1947, iqinisekisa izinga eliphezulu nokusebenza kahle.
Ukufika kwale migomo kuhambisana nomzamo ohlangene kahulumeni kanye nabathintekayo emkhakheni wezolimo ukuvikela imfuyo ezweni.
Isifo i-FMD siyingozi kakhulu, sibangela ukulahlekelwa okukhulu kwezomnotho ngenxa yemikhawulo ekuhwebeni ngezilwane kanye nenyama yazo.
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
