
By Mduduzi Mbangayiya
UFarouk Kadodia ongumnikazi we Durban City FC usekuqinisekisile ukuthi uPitso Dladla uzobamba kuze kuphothulwe izinhlelo zokuthola umqeqeshi omusha waleliqembu lase eThekwini.
UDladla akaqali ukubhekana nesimo esinjena njengoba ngaphambilini wabhekana naso kuRichard Bay FC ,
Kuzokhumbuleka ukuthi Durban City FC ingomapheka ethulule njengoba isikhombe indlela abaqeqeshi bakuleli abathathu
Iqale ngoSimo Dladla owayikhuphula wayifaka kuBetway Premiership League yamfaka amasondo ngokuqala kwesizini yaqasha uGavin Hunt yaphinda yamkhomba indlela yaqasha uSinethemba Badela yamxosha ngemuva kwemidlalo emthathu.
Nokugcine sekukhonjwa ngenjumbane Ernest Middendorp ongumqondisi ngokuthi nguyena onesandla semfene.
UMiddendorp ugcine ephawulile ethi yena akahlangene nokuxoshwa ka Gavin Hunt ngoba yena washiya iDurban City FC ngoSeptember wabuya ngoDecember.
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
