
Kubikwa ukuthi intombazane encane igingqike yabulawa ngabaduni bezimoto eMalvern, eThekwini, izolo ebusuku.
Intombazane eneminyaka engu-11 ubudala ebinomndeni wayo, beyozikhipha ngaleso sikhathi.
Kuthiwa lentombazanyana ibe isicasha ngaphansi kwemoto ngesikhathi unina eculwa ngabahlaseli, nokuthe ngesikhathi abaduni behsaya bechitha nemoto bashayisa lengane ekade icashe ngaphansi kwemoto.
Ingane iphuthunyiswe esibhedlela isesimweni esibucayi, yashonela khona. Imoto yohlobo lweToyota Fortuner yabuye yatholwa eChesterville.
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
