Baboshelwe ukudayisa izitifiketi zokuzalwa zomgwinyathi abokufika baseMozambique

Abantu abane baseMozambique baboshelwe ukudayisa izitifiketi zokuzalwa zomgunyathi eCenturion Bavele enkantolo. Izakhamuzi ezine zaseMozambique zizofaka isicelo sebheyili iKgosi Mampuru.

Abasolwa babanjwe kulandela ukutholakala kweitifiketi zokuzalwa okusolakala ukuthi zingombombayi, nesixhunywe nesigxivizo soMnyango wezaseKhaya esebiwe emahhovisi aseCenturion.

Ukuboshwa kwalaba basuke ecaleni elithinta isitembu esebiwe esasetshenziswa ukukhiqiza izitifiketi zokuzalwa zomkokotelo. Kuboshwe ababili ngenyanga edlule ngezinsolo zokukhiqiza nokudayisa lawa maphepha angombombayi, kwathi abanye ababili, ubaba nendodana, baboshwa ngokutholakala neyodwa.

Uphenyo luqale ngesikhathi uLebogang Tibane, 24, eya emahhovisi oMnyango wezaseKhaya eCenturion eyofaka isicelo sikamazisi. Isikhulu esisolisayo siphawule ukuthi isigxivizo sesitifiketi sokuzalwa sikaTibane kubikwe ukuthi sebiwe ezinyangeni ezedlule.

UTibane wacelwa ukuthi abuye nomzali, okwaholela ekuboshweni kwakhe bobabili noyise, u-Amerco Tibane. Bephekwa ngemibuzo, abakwaTibane baveze ukuthi bathenge lesi sitifiketi somgunyathi ngo-R6 000 kuRhandzu Chauke, obehlanza ehhovisi lozasekhaya eCenturion.

UChauke, osengaphandle ngebheyili ka-R1 000, uboshwe ephuma emsebenzini. Ngesikhathi ephekwa ngemibuzo, uvumile ukuthi usebenzisana nababili abadabuka eMozambique, uSibusiso Mthembu noMethusi Ncube, ukwakha lezi zitifiketi zomgunyathi.

Ngokusho komthombo wangaphakathi, uMthembu ufune abantu bokufika abangenazo izincwadi abazimisele ngokuthenga izitifiketi zokuzalwa ezingombombayi nomazisi. UChauke wayedlulisa amagama alaba abasuka kwamanye amazwe kuNcube owabe eseprinta amaphepha wawagxiviza ngesigxivizo sezindaba zasekhaya.

Ukuboshwa kwabasolwa kugqamisa ukukhathazeka okuqhubekayo mayelana nokudayiswa kwezincwadi zomgunyathi, osekudonse ukucutshungulwa kwabomthetho.

Okhulumela amaphoyisa esifundazweni, uCol Noxolo Kweza, ukuqinisekisile ukuboshwa kwabasolwa, wathi abasolwa kukholakala ukuthi bayingxenye yophiko oluphenya ngamacala athinta umkhonyovu.


Discover more from IBUNDA NEWS

Subscribe to get the latest posts sent to your email.