
UBongumusa Mthembu ukhuza ibuya ku Comrades Marathon njengoba ngonyaka odlule wakhala emnyango kubasubathi abayishumi abahamba phambili ku Comrades Marathon. UMthembu usenqobe amahlandla amathathu iComrades Marathon kanti kulindeleke ukuthi atabalasele ukuthola indawo kwabayishumi abazoqeda kuqala ku Comrades Marathon.
Khona manjalo uNkosikhona Mohlakwana we Hollywood Athletics kulindeleke ukuthi abuyele kubasubathi abayishumi njengoba ngonyaka odlule wakhala emnyango. UThobani Chakwe we Hollywood Athletics ungomunye wabasubathi abamqoka kakhulu KwaZulu-Natal kodwa uhlushwa ngukulimala.
Kukhona Ayanda Ngcobo we Xcel Running Club obekwe ngabomvu. Labasubathi baKwaZulu Natal banama khona amangalisayo kodwa bahlushwa ngumuhhobholo wokungasebenzisani njengoba kwenza Nedbank Running Club namanye amaqembu ase North West.
About The Author
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
