
Iqembu lase Kapa, iCape Town City selenze okwehlukile kunamanye amqembu agijima kwiPSL ngesikhathi imemezele ukuthi izokhipha amathikithi amahhala omdlalo wayo wokugcina wabakhaya neRichards Bay.
Lolu hlelo luxhaswe ngabadlali kuphela, njengokubonga ukwesekwa okuqhubekayo kwabalandeli babo phakathi nesizini enzima.
Lesi senzo sabadlali sinconywe kakhulu ngabasebenzisa izinkundla zokuxhumana, abanye bebuza ukuthi amaqembu amakhulu ayoke enze lokho yini.
Amathikithi AMAHHALA ku-inthanethi: https://bit.ly/3UKY53R
Umdlalo uzoba mhla ziyi-18 kuNhlaba wezi-2024 ngo-15:00 e-DHL Stadium
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
