
Umlingisikazi uPhindile ujabulile njengoba ethola iziqu zeCommerce kule nyuvesi. Ekhuluma ezinkundleni zokuxhumana ngoLwesibili, lesi sihlabani saseNingizimu Afrika siveze isithombe saso sigqoke ingubo yomcimbi.
Uzwakalise ukubonga ngengqophamlando ayitholile waveza ukuthi uphumelele ngamalengiso angu-10. “Lona kube wumgwaqo omude. Ingqophamlando efinyelelwe, ngiyabonga futhi kuNkulunkulu makube inkazimulo ngoba umusa Wakhe umi phakade. Namuhla ngithweswe iziqu zeBachelor of Commerce ngithole o-distinction abangu-10,” kubhala uPhindile.
Abangane nabalandeli bagcwale okuthunyelwe ngemiyalezo yokuhalalisela.
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
