
INdodana yomsunguli we IFP, Inkosi uZuzifa Buthelezi inxusa ubumbano kubaholi beqembu. INkosi yesizwe sakwa Buthelezi uZuzifa noyinkosana yomtwana wakwa Phindangene Inkosi Mangosuthu Buthelezi ongumsunguli weqembu le IFP, unxuse abaholi baleliqembu ukuthi mababumbane babe munye, bengangabi ngamaqembu qembu ngoba lokho kungadala umthelela omubi eqenjini le IFP.
Usho lamazwi ngesikhathi ekhuluma ePrince Mangosuthu Regional Stadium olundi ngesonto lapho IFP beyenza umhlahlandlela wayo wokhetho. Iqembu le IFP ligaqele ukunqoba ukhetho lomhlaka 29 May lolukhetho lubhekwe ngamehlo abomvu ngabantu base Ningizimu Africa njengoba bephiswa ukugudluza iqembu elibusayo emandleni njengoba lihlulekile isidana.
Abantu base Ningizimu Africa bakhathele ukuhlala ebumnyameni nokungabi namanzi nemigwaqo nongasebenzi nokuvotela izifo.
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
