
ULindelani Bremie Mshini Sibisi uphinde wanqoba ibhande lakhe lesithathu ngaphansi kwe Hlula Dladla Boxing Promotion ne Nhle Jobe Boxing Promotion. ULindelani Sibisi ungumshayisibhakela osezingeni eliphezulu kakhulu emhlabeni jikelele, unqobe u-Ally Said wase Tanzania ngamanenjana omzuliswano wokuqala walempi. uSibisi ubenqoba iphande lakhe lesithathu njengoba ephethe WBA, WBF International, KZN Title,
USibisi ukhulume ubikele IBUNDA Izindaba ukuthi ufuna ukuqeda ngazozonke izicoco zamabhande amancane ukuze ezoqala agaqela izicoco zomhlaba ezifana ne WBC, IBF.
Uphinde wanxusa osomabhizini ukuthi basondele eduze nabo bezobaxhasa ngosizo leGym yase Mgodini eDundee. Lapho kuqhamuka khona labo mphetha abaphakamisa ifulegi lase Mzinyathi, KwaZulu-Natal, Ningizimu Africa, Southern Africa.
Uphinde wabonga abaphathi bakhe abakhulu uHlula Mholiwami Dladla we Hlula Dladla Boxing Promotion no Hle Dladla we Hle Jobe Boxing Promotion ngethuba abamnikalona nozakwabo.
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
