
UCollen “Ntofo Ntofo” Mbesuma oyisekela lomqeqeshi we Sikhukhune United, ukholwa ukuthi ukusebenza kwi Sekhukhune United kuzomvulela amathuba amaningi okuqeqesha iqembu lesizwe lase Zambia. UMbesuma owagqama kakhulu eqenjini le Kaizer Chiefs ngokuhlohla amagoli ubengaconsi phansi futhi angalibheki ipali ngoba waphinda wamela leliqembu lase Zambia ku African Cup of Nations.
Useke wadlalela amaqembu amaningi eNingizimu Africa afana ne Orlando Pirates, Moroka Swallows FC, University of Pretoria. UCollen Mbesuma waphula ilekhodi lika Fani Madida lokushaya amagoli angu 35 kanti okwamanje uMbesuma ungumqeqeshi wabagadli eqenjini le Sekhukhune United.
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
