UJunior Khanye uthi Kaizer Chiefs ayinamali

UJunior Khanye uthi iqembu le Kaizer Chiefs alinayo imali selifana nomuntu owayedumile elokishini obizwa ngo bra. Kuzokhumbuleka ukuthi iqembu le Kaizer Chiefs lihlulwa ukugudluza izinkinga ebhekene nazo njengoba leliqembu lamakhosi lagcina ngo 2015 ukunqoba indebe kanti kusolwa lokhu ngokuthi leliqembu seliyahluleka ukwakha imali.

Leliqembu lihamba phambili ku Dstv Premiership League ngokuholela abadlali kodwa abadlali abakhona abanqobi lutho kunalokho bahamba nezizumbulu zezimali ngamasa. Abadlali bakudala bakhala isililo ngaleliqembu abalisebenzela kanjena abafana no Doctor Khumalo, Ace Khuse, Jabu Pule Mahlangu. Teenage Dladla, Molombo Lechaba, Neil Tovey kanye noFani Madida


Discover more from IBUNDA NEWS

Subscribe to get the latest posts sent to your email.