Amakhosi ase Mzinyathi ahlongoza ukulaxaza iqembu le IFP

Amakhosi ase Mzinyathi awaneme nhlobo ngokuqokwa kwabaholi beqembu le IFP eMzinyathi abazomela leliqembu ePhalamende lesifundazwe saKwaZulu Natal nase ePhalamende likazwelonke eKapa. Ngokuthola ngomthombo osondelene nalamakhosi akhala ngeqembu le IFP ukuthi likubukela abaholi beqembu baseMsinga, Ndumeni, uMvoti, Nquthu, abanamava ebuholini.

Lamakhosi azothumela izithunywa ziyohlangana nobuholi beqembu le IFP noMengameli uVela Hlabisa ukuthi bahlanganise amakhanda, “…ngoba kusho ukuthi abaholi bethu nabantu bethu thina makhosi bayaxhashazwa yiqembu le IFP okusho ukuthin kuhle mangabe siliqoqela amavoti amaningi eMsinga kodwa bengangeni ePhalamende.” kusho esinye isikhulu saseMzinyathi.

“Kusho ukuthi kuzomele siqale indlela entsha nabantu bethu nabaholi bezepolitiki eMsinga nase Mzinyathi namaphethelo, ngoba kusho ukuthi iqembu le IFP ngelabantu abathile kuphela. abanye bayizisebenzi zeqembu ababona abaholi beqembu.” kunanela elinye ilunga lomphakathi.


Discover more from IBUNDA NEWS

Subscribe to get the latest posts sent to your email.