
Umethuli wezemdlalo odumile uRobert Marawa uthi abalandeli be Kaizer Chiefs yibona kanye ekade befaka leliqembu enkingeni enkulu, belimosha ngokuthi bafake amabhodlela enkundleni bejikijela abadlali nezikhulu zeqembu. Abalandeli kade iKaizer Chiefs ingena iphuma emacaleni adalwe ngabalandeli. bashisa iMoses Mabhida Stadium.
Abaqeqeshi abaningi baxoshwa yibona abalandeli be Kaizer Chiefs, abaqeqeshi abafana no Enerst Middendorp owahlulwa yiligi ngemidlalo yokugcina. Iqembu le Kaizer Chiefs lagcina ngokuthi lithole indawo yesibili kanti no-Author Zwane baxoshwe elihlanganisa iqembu kodwa bahluleka ukubekezela.
Iqembu le Kaizer Chiefs selahlekelwe yimali eningi ngenxa yamacala abalandeli be Kaizer Chiefs njabona bahlale begxeka abaphathi be Kaizer Chiefs kodwa kuyibona abacekela phansi iqembu.
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
