
Uphiko lamaphoyisa olubizwa ngoMzinyathi District Task Team nethimba labaseshi eWasbank, benze umsebenzi oncomekayo ngesikhathi bebamba izigelekeqe nezibhamu endaweni yase Wasbank. Labasolwa batholwe nezibhamu ezingekho emthethweni, izinhlamvu nazo ezingekho emthethweni kanti lemgulukudu isikhathaze izakhamuzi zase Mzinyathi namaphethelo isikhathi eside.
Amaphoyisa ase Mzinyathi Task Team awachithanga isikhathi ngesikhathi ethola umbiko ngabesilisa abasolisayo njengoba atheleke ngobuningi asebenzisa ubuhlakani ukubamba lemigulukudu. Lemgulukudu ibihamba ngemonto eyebiwe ndawonye thizeni.
Lemigulukudu ibandakanyeka emacaleni amaningi eMzinyathi njengoba benelinye icala lokutholakala nemonto entshontshiwe nezibhamu ezingekho emthethweni ezintathu kuzona khona ama Pistol amabili ne 38. Umsebenzi wamaphoyisa angaphansi komkhandlu wase Mzinyathi Task Team ushayelwe ihlombe ngokushesha ukubamba lezigilamkhuba.
UMphathi wamaphoyisa eMzinyathi Francis Slambert ubongele bonke ababambe iqhaza elimqoka lokubamba lemgulukudu.
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
