Ugwetshwe iminyaka engu 66 umdlwenguli wabafana abancane

UKhomishana wamaphoyisa e-SAPS eNyakatho Kapa, uLieutenant General Koliswa Otola nabaphathi bakhe bayasamukela isigwebo seminyaka engu-66 esinikezwe iNkantolo yesiFunda yase-De Aar ku-Coert Botha, 47, kulandela isinqumo esikhishwe yiNkantolo ngamacala angu-13 ocansi, enziwe e-De Aar phakathi kukaSepthemba 2019 no-Ephreli 2021. INkantolo izwe ukuthi ummangalelwa wayeyenga abafana abancane abaneminyaka ephakathi kweyisi-9 nengu-14 lapho ehlala khona bese enza lemikhuba yokungcola ifaka izenzo zokuhlukumeza ngokocansi ezihlanganisa nokudlwengula.

Uphenyo lwamaphoyisa luholele ekutheni kube nezinye izisulu eziholele ekuboshweni komsolwa, athweswe amacala angu-13 okunyukubeza ngocansi. Ummangalelwa utholwe enamacala angu-13 futhi wagwetshelwa nokudlwengula, ukwephula umthetho ngokocansi, ukuvezwa kanye nokubukisa ngezithombe ezingcolile, okubangela ukuba ingane ibone ukushaya indlwabu nokuzama ukwenza isenzo sokuhlukumeza ngokocansi.

Wonke amacala azoqhutshwa kanye kanye futhi igama lommangalelwa lizofakwa kuRejista Kazwelonke Yabantu Abaphula umthetho Ngocansi futhi kwamenyezelwa ukuthi akafanelekile ukuba nesibhamu. ULieutenant General Otola uncome ithimba labaphenyi nabashushisi, uDetective Sergeant Ilse Fan kanye no-Advocate Tevaughnay Van Wyk, ngomsebenzi wophenyo olunzulu kanye nokwethulwa kwecala.

Amaphoyisa azohlala engapheli mandla ekuqinisekiseni ukuthi ubulungiswa buyenziwa kulabo abayizisulu ze-GBVF. Amaphoyisa akhuthaza umphakathi ukuthi ubambisane nawo emizamweni yamaphoyisa ekulweni nobugebengu ngokubamba iqhaza ocwaningweni lwe-inthanethi oluthi “RATE OUR SERVICE” ukusiza amaphoyisa ekwenzeni ngcono izinsiza.


Discover more from IBUNDA NEWS

Subscribe to get the latest posts sent to your email.