ULucas Reberio ushaye amagoli amathathu kudliwa AmaZulu FC

IMamelodi Sundowns FC ingcwabe AmaZulu FC ngamagoli amathathu 3-0 emdlalweni we Dstv Premiership League ePitoli. Lamaqembu aqede isiwombe sokuqala ebambene kungekho efuna ukugoba uphondo.

Ngesiwombe sesibili iMamelodi Sundowns FC ivele yavulela ulabhabha wempama yamagoli ngesikhathi umdlali waseswini odabuka eBrazil uLucas Rebeiro, eqhulula amagoli.

Lomdlali uveze inhloso yakhe enkulu ngalomdlalo njengoba eshayele iMamelodi Sundowns FC amagoli amathathu kanti abadlali baMaZulu FC bagcina ngokuthi bambukele eshaya lamagoli.

Iqembu AmaZulu FC lidonsa kanzima ekutholeni imphumela edingwa yiqembu efanelekile ngoba libonakala lingajabulisi abalandeli balo njengoba nomakhelwane badonsa itshe emhlane iGolden Arrows esihlulwe amahlandla angu 9 kulandelana. I-Royal Am inesifo esifanayo sokungaqini kahle.

Lamaqembu ahlezi ngesinqe esodwa njengoba sekuqale ushikishi lomlenze wesibili ku Dstv Premiership League, sekuzobonakala manje ukuthi ngabe bayahlala ku Dstv Premiership noma qha.


Discover more from IBUNDA NEWS

Subscribe to get the latest posts sent to your email.