USbonelo Khwela uthi sekuseduze phambili nge Dusi Canoe Marathon

USbonelo Khwela no Msawenkosi Mtolo basebenze kanzima njengoba balale isibili ku Dusi Canoe Marathon. USbonelo Khwela uthi akukho okudlula ukuzimisele ngemuva komjaha onzima wohambo olude obeluphela eBlue Lagoon, eThekwini. “Sibayekile khona ngoba sibaficile o-Andy Birkett no Matthew Fenn, besihamba ndawonye kodwa bavele basishiya ngoba Andy Birkett unesipiliyoni ngalomjaho, njengoba usewunqobe amahlandla angu 14 lomjaho we Dusi Canoe Marathon.” kusho uKhwela.

Khona manjalo uKhwela osemkantshu ubomvu kulomjaho we Dusi Canoe Marathon, uthi sekusondele ukuthi bawunqoba lomjaho. Uphinde wanxusa uhulumeni waKwaZulu Natal ukuthi ungenelele ekuxhaseni intsha ethanda lomjaho ngoba kuzoyithuthukisa. UKhwela uzobamba iqhaza emjahweni we Nine Stopped Marathon.

UNgqonqoshe weZemidlalo KwaZulu-Natal, uNtuthuko Mahlaba uncome ababhukudi ekade bebambe iqhaza kulomjaho osuka eMsunduzi eMgungundlovu uhambe usuku lokunqoba ufinyelele eCato Ridge bese uphinde udlulele eNanda Dam, uphelele eThekwini eBlue Lagoon.

Uphinde waveza ukuthi bazothumela abaphenyi bomnyango wezemidlalo bayophenya ngabantu abangosomathuba abahlanganise umphakathi ukuthi uvimbe ngamatshe emgwaqeni. Lomphakathi ubukhala ngokuthi amanzi awunawo kodwa umfula umgeni uyahamba namanzi akhona kompompi. Lomjaho ngomunye othandwa kakhulu ngabantu abayizinhlanga ezihlukene.


Discover more from IBUNDA NEWS

Subscribe to get the latest posts sent to your email.