
Indodana ka Pitso Mosimane igijima eqenjini le Kaizer Chiefs labaneminyaka engu 13. UReatlebogile Mosimane ukhombisa ukuba ngumdlali onekhono elisimanga, ngokusho kuka David DVD Mathebula ongumqeqeshi we Kaizer Chiefs. “Ngibona uReatlebogile engumdlali omuhle kakhulu.” kusho lomqeqeshi.
“Ngicabanga ukuthi uzothi efinyelela eminyakeni engu 17 uzoba esekulungele ukudlala eqenjini lesizwe labafana abaneminyaka engu 17 kanye naseqenjini le Kaizer Chiefs le MDC.” kuphetha uMathebula.
Kumanje abalandeli abaningi bamangele ukubona umfana kaPitso Mosimane edlala ku Kaizer Chiefs, ngoba bakholwa ukuthi umqeqeshi uPitso Mosimane akayifuni nalapho ihambe khona iKaizer Chiefs.UMosimane wazakhela yena igama ku Jomo Cosmos, Orlando Pirates, Mamelodi Sundowns FC ngoba kumanje esengumqeqeshi we Abha FC yase Saudi Arabia.
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
