
Umqeqeshi weMamelodi Sundowns, uRhulani Mokoena, ukhale ngebhadi kanye nangonompempe obephethe lomdlalo, ngesikhathi i-Orlando Pirates ibambe iMamelodi Sundowns FC emdlalweni we Dstv Premiership ngomgqibelo ePitoli.
I-Orlando Pirates ibambane ne Mamelodi Sundowns FC ngo 1-1 kulomdlalo oqale ngegiya eliphezulu kakhulu ngoba lamaqembu ebehlaselana kakhulu. IMamelodi Sundowns FC iqale kuqala ukubona amapali. UMarcelo Allande uyena ovalele phakathi igoli lamaBrazilians kwase kuthi ele-Orlando Pirates, obekuyiphenathi, ibe isivalelwa ngokushesha ngu Thapelo Xoki.
Lamaqembu abehlaselana kuvalwe amehlo nhlangothi zombili. kanti umqeqeshi we Mamelodi Sundowns FC Rhulani Mokoena ukhale ibhadi ngonompempe obephethe lomdlalo uThando Ndzandzeka ngokuthi ubeyincelisela Orlando Pirates. Lomdlalo kubonakale umdlali omusha we Mamelodi Sundowns FC obeyisithenjwa se Orlando Pirates uThembinkosi Lorch ewuqala umdlalo.
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
