Uvuma uKhwela noMtolo, u-Andy Birkett

U-Andy Birkett uvuma ukuthi bacishe babaphazamisa kulomjaho we Dusi Canoe Marathon, uSbonelo Khwela no Msawenkosi Mtolo. Ubikele IBUNDA IZINDABA ngakubonile kulomjaho. “Ngibonile ukuthi beza ngamandla kakhulu futhi khona lapho sibone khona ukuthi bayasiketula manje.

Masiphuma phakathi kwe Cato Ridge ne Nanda Dam, lapho kade beqopha umlando ngendlela ekade bezimisele ngakhona. Lapha siphunyuke ngembobo yenalithi njengoba ubonile ukuthi besilandelana eduze kakhulu. sishiyane ngamanenjana kancane.” kuqhuba uBirkett.

UKhwela usevuthiwe kakhulu kulomjaho we Dusi Canoe Marathon ngoba kudala ekhona kulo mjaho. Lomjaho iqiniso unganqotshwa nomangabe ngubani kodwa udinga ukuthi uzimisele kumaluniselelo kuqala ngaphambi kokuba uqale lomjaho ngoba uyadonsa kakhulu izinsuku ezintathu usemanzini.

Kubanzima ngoba khona lapho kunezingwenya khona nezinyoka kodwa ngenhlanhla asiziboni. Ahleli be Dusi Canoe Marathon bayaqinisekisa ukuthi bayaziqhelisa lapho sizohamba khona. Lensizwa emhlophe ezithobile kakhulu njengoba uyakhombisa ukuthi ungumuntu wezemidlalo.


Discover more from IBUNDA NEWS

Subscribe to get the latest posts sent to your email.